KUNGAKAPHOLI namaseko isilomo somculi wakwaDweshulwa, kusifunda soGu, singene endlini kanokusho esiyakhelwe nguSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, sesedlule emhlabeni.
UMnu Gawulezakhe Mbili (65), obedume ngegama lomculo uS’phuzo Sabantwana, iMenenja yakhe uMnu Sakhile Cele, ibike ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usedlulile emhlabeni.
Ezinyangeni ezine ezedlule uS’phuzo uvele kumabonakude engena endlini yakhe kanokusho eyakhiwe endaweni yakubo KwaDweshula, yakhiwa ngosizo lukaSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Nontobeko Boyce, ofake isandla wacela nabanye ukuba balekelele kwakhiwa lendlu.
Ubejabule kakhulu umfoka Mbili esesendlini yakhe entsha enempahla kanokusho.
US’phuzo waduma kakhulu ngama video amafishane abeye athunyelwe ngabanye ezinkundleni zokuxhumana ecula umculo ohlekisayo njengelithi, “Msamariya nginikeze ijuice efrijini, ngihamba ngeBM, imot’ephambili, ngibheke eShepstone (idolobha lakubo)”.
Ikhono lakhe lokucula, nezwi lakhe belimveza njengongumuntu owake waba ngumbhidi kumbe obengumbhidi emishadweni.
Bekubonakala indlela asebenzisa ngayo ikhanda uma eseqala iculo. Limbeka futhi njengomuntu oke wahola umculo ezinkonzweni ezicula uhlobo lomculo weZayoni.
Kulotshwe lapha iXolani Weekly Journal ingakatholi ukuthi uzofihlwa nini, kuphi. Nokho ngokujwayelekile emakhaya bafihla ekhaya.

