UKUGEJWA yinhlamvu yomnembi ethula inkulumo e Pennsylvania, uMnu Donald Trump, kubonakala kumsebenzele njengoba esekwazile ukuthola isibalo (threshold) esanele sokuba aqhubeke nokungenela umbango wokhetho lukaMongameli waseMelika.

Ngaphandle nje kokuthi uMnu Trump usephunmelele ukuthola isibalo esimgunyaza ukuthi angenele umbango wokhetho, ukudutshulwa kubonakala sekumzuzele abavoti abaningi esebemdabukela, futhi esebemthatha njengomfeli wezwe.
Usemqokile-ke nozokuba nguSekela-Mongameli uma ephumelele ukubuyela kulesi sikhundla esilawula umhlaba wonke. UMnu Trump ubonakala esethandwa ngisho ngebebengamthandi esaphethe izwe, ikakhulukazi amaMelika amnyama. Bathi uMnu Trump ubewuphethe kahle umnotho wezwe, futhi akakaze aphake impi esabusa.
Ubonakala futhi enobudlelwane obuhle noMongameli wase Russia uMnu Vladimir Putin, kanjalo nowase Ukraine uMnu Volodymir Zelensky. Abanye bathi bamthandela ukuthi ugqamisa ubuKristu, akakhombisi ukusekela udaba lwabathandana nobulili bufanayo, nabaziguqula ubulili, kanti imbangi yakhe uMnu Joe Biden, ibonakala izeseka kakhulu lezi zinto.
