UkuhlaziyaUncategorized

ISUKUMILE INTSHA YASE SOUTH AFRICA KULOLU KHETHO

IBIPHUME ngezinkani kulokhu intsha yakuleli ukuya okhethweni, okukholakala ukuthi yikho okuphendule amatafula, ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Izibalo zeKhomishani elibhekene nezokhetho kuleli, i Independent Electoral Commission (IEC), zikhomba ukuthi abantu ababhalisele ukuvota kulokhu e South Africa bangama 42%, kanti bavamise ukuba lapha ko 27%.

Ukusukumela ukhetho kwabantu abasha base South Africa ngalendlela, kwethuse abaningi ngoba ibisidume ngegama lesilungu le voter apathy, okusho ukungayingeni eyokuyovota. Ukusukuma kwentsha kunomlando e Africa njengoba nako Gibhithe, Tunisia, Zambia, nase Lesotho, kwasukuma intsha kwaphenduka amatafula. Nakulolu khetho kubonakala ngemiphumela ukuthi isukumile.

E Zambia nase Lesotho, yasukuma kanje intsha yakhona, zajika izinto. UMongameli omusha wase Zambia, uMnu Hakainde Hichilema, uphuma eqembini ebelingeliphikisayo. Kuzocaca kucaca ngoMgqibelo ukuthi intsha yenzeni,