EzintshaUncategorized

UMHLANGANO WAMA ZWIDE AKWA MANGQAKAZA NASE MBIZIMBELWE

AMAZWIDE nabashana KwaManqqakaqza nase Mbizimbelwe, ayakhunjuzwa ngomhlangano woBumbano lwamaZwide okhalo luka Mnukwambi kulezizigodi ezimbili zase Macambini esezibalwe ngenhla.

Umhlangano ubizwa yiNduna yakwaMangqakaza, uMnu Sibongiseni Nxumalo, ngegunya lokuba yikhanda lendlu yenkosana kaMnukwambi, uNonjonjo. Okwamanje kusacelwa abesilisa kuphela. Umhlangano uyokuba semzini weNduna ngoMgqibelo lo wakusasa ziyisi 8 ku June, kophezulu, ekuseni ngehora lesi 9. NgamaZwide nabazalwa ngamadodakazi abamenywayo.