Ezemidlalo

Akasekho Usihlalo Wosuthu Owaqukula I Cocacola Cup

AKASEKHO usomabhizinisi owaqopha umlando enguSihlalo weqembu lebhola elikhulu KwaZulu-Natal, elusiza lunqoba enye yezindebe ezinkulu ebjoleni lakuleli iCocacola Cup ngowe 1992.

UMnu David Dlamini owaynesitolo eNdundulu, eMelomoth ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni, uluphathe uSuthu kusukela kowe 1978 kwaze kwaba ngowe 1995, ngokwencazelo yomlandeli waleliqembu owuphethe wonke umlando woSuthu, uMnu Bhekizenzo Mhlongo.  Kuzwakala ukuthi uMnu Dlamini obeseneminyaka yobudala engama 86, uthathwe yisifo sikashukela ngeledlule.

Ebhala ekhasini labalandeli boSuthu uMnu Mhlongo uthi; “UMnu Dlamini uqale ngowe 1978 ukuphatha uSuthu enabanye owayebambisene nabo okwakuthiwa ngama Director ngalesosikhathi. 

“Sizokhumbula ukuthi uSuthu ngowe1977 lwenza kahle ngaphansi kobuholi buka Mnu Vincent Ngongoma, kodwa wagcina eshiyile endaweni yakhe kwangena uMr. MV Duma, kodwa kwangahamba kahle emasenteni kuyena, nakuba uSuthu lwase luxhaswe yi Alpha selubizwa nge Alpha AmaZulu.  Lokhukubizwa kwawo ngaleligama, abanye babekuteketisa ngokuthi Afa AmaZulu.

Bangena kanjalo oDlamini kwaze kwathi ngowe 1982 baqoka uMnu Jabu “Mxhawuli” Phakathi njenge Care Manager.  Sekungumlando ke ukuthi iNkalakatha (uPhakathi) yagcina iyidlile iteam yabuya ngakuyo asazi kanjani. 

Kwaze kwathi ngowe 1985, ekuhlukaneni kwe National Professional Soccer League (NPSL), kuzaleka iNational Soccer League (NSL),  yilapho-ke abadlali abadala bathatha iteam bayisa ku NSL, uMxhawuli wasala kuNPSL. 

Babuya kanjalo-ke oDlamini noMathe bayiphatha, kodwa ngeshwa ubaba uMathe washona ngawo u 1985.  Waqhubeka ubaba uDlamini kwaze ngu1995”.

 Kuzokhumbuleka ukuthi ngokomlando osuvezwe nguMnu Mhlongo ngenhla uSuthu lwagcina selungamaqembu amathathu uma kubalwa neZikoshi iZulu Royals eyayidlalelwa ngoiSkiri Gumede, iPutco AmaZulu FC eyasalka neNkalakatha ku NPSL, kanye ne Amandla AmaZulu angina ku league eyayiyintsha iNSL. 

Maningi amaqembu ehlukana phakathi amanye asala ku NPSL amanye angina ku NSL.  Lapha sibala I Orlando Pirates, iMoroka Swallows eyasala ku NPSL yaba yi The Birds kwathi iSwallows yaya ku NSL. 

Nakuba iChiefs ingehlukananga, kodwa iqembu lesilomo sayo uPatrick ‘Ace’ Ntsoelengoe, I Ace Kicks langena ku NPSL.  oBlack Leopards no Benoni United baba ngaku NPSL. 

IPutco AmaZulu eyase ifana neqembu elisha yagqamisa abadlali abanjengo Fish Miya, Kullier Dklamini owayeqobela amagoli no Disco Gumede waseMandeni.

Ngaphansi kukaMnu Dlamini nomqeqeshi uClive Barker, ngowe 1992 uSuthu lwaqukula indebe eyayihlonishwa ebholeni lakuleli iCocacola. 

Kulowonyaka kwakushisa abadlali abango George Donnelly, Simon ‘CCV’ Magagula, Joe Mlaba, nabanye.