EKHULUMA egameni lezifundiswa ezaqala imfundo yazo eGcotsheni HP School, uSolwazi Abednego M Maphumulo, uthe kuyiphupho labo ukubona indawo yakubo ithuthuka kuyo yonke imikhakha, ize ibe neyayo i Shopping Centre, njengezinye izindawo.
USolwazi Maphumulo, osebhale izincwadi eziningi elandela ezinyathelweni zabanewabo endaweni oMfu CSZ Ntuli, Solwazi DBZ Ntuli, nomna wakhe u Dkt Nakanjani Sibiya, ubengomunye wezikhulumi ebezikhuluma emcimbini omkhulu obuhlelwe yiKomidi leNdawo liholwa nguye uDkt Sibiya. USolwazi Maphumulo uthe sikhulu kakhulu isidingo sokuvuselela ezolimo kulendawo, kube nezitolo okutholakala kuzo zonke izidingo, nomgwsaqo osezingeni eliphezulu.
Ekhuluma lapha no Solwazi DBZ Ntuli, uhambe kuwo amazwi kaSolwazi Maphumulo. Wathi konke kuyokwenzeka ngokubambisana nokungabukelani phansi kubantu bendawo. utuse iGcotsheni ngokuba nemfundo emikhakha mibili. Okuyimfundo yokuqala yasezinkomeni kubafana. Ebafundisa ukuqina, nokubekezela, nokubhekakade, nokwazisa imvelaphi yakhe umuntu. Uthe nabo baqala kuyo lemfundo yasezinkomeni. Uze wabalula omunye umfana othe wamsindisi esegwiliza esizibeni, ngakho ukuba nesibindi nolwazi lokuhlamba okufundwa ezinkomeni.
UGodide uqhube wathi imfundo yesibili yile yasesikoleni, lena abafike bayithola eGcotsheni. Uthe lena isuke isikuvula amehlo ngezwe lonke, nokuqoqa impilo uphume kule yobunsizwa nokungabi nandaba, nokungesabi lutho efundwa ezinkomeni. Lenkulumo ibisifuna ukulumbana nebikhulunywe ngu Mnu Njabulo Biyela, wasebukhosini bakwaBiyela eMakhuni. Naye uMnu Biyela ukushilo ukuthi umuntu isikole lesi sesibili siyamqoqa umuntu, simfundise nangoNkulunkulu. Lapho-ke sisuke sesimthumela endaweni yokuhlumelelisa izimilo okuyisonto. UMnu Biyela ubetuse namasimu aseGcotseni akhiqizele wonke umuntu nesizwe sonke nje saseMakhuni, amadumbe, nobhatata, nobhontshisi, umuntu abekudla kuvuleke umqodo.
Bahleke iqala yaze yayophela inkulumo ebebekulo mcimbu sekukhuluma u Dkt Sibiya. Yonke inkulumo yakhe ibinamahlaya. Ethi uyabazwela abantu abakulocimbi ngokukhetelwa umuntu owaziwayo ukuthi unamalimu, kuthiwe makazokhuluma nabo. Ubatinyele sakudlala abantu baseGcotsheni abakubalekele ukubamba iqhaza kulomcimbi ngesikhathi becelwa yikomidi. Wathi ikomidi belingafuni mali kubo, kepha belifuna nje unembeza wabo. Watusa uMnu Prince Nxumalo onikele kakhulu kulomcimbi.
Ivuthondaba lenkulumo yakhe, libe ngesikhathi esebathulela ibhuku elisihloko sithi EGCOTSHENI, elihlelwe ngu Solwazi LF Mathenjwa, onguMhleli we Wethu Publishers. Bahleke baze balala futhi esefunda ingxenye ekhuluma ngo Mnu Bhekameva ‘Doli wezidwedwe’ Ngema, owaba ngusomabizinisi owaqala ezokuthutha ngamaveni kuledawo. Uthe yonke imali okuzothengwa ngayo lencwadi, izonikelwa esikhwameni sesikole iGcotsheni.
Ukusuka nokuhlala komlando wokusungulwa kwalesi sikole, sisungulwa yibandla i Evangelical Lutheran Church of Southern Africa (ELCSA), amaLuthela, wethulwe ngobuciko nguMbhishobhi omdala waleli bandla, uMbhishobhi L Sibiya. I Xolani Weekly Journal izokwenaba ngawo kushicilelo olulandelayo.
Phakathi kosaziwayo iXolani Weekly Journal ebathe shazi kulo mcimbi, ngo Mnu Bheki Sibiya oyiskhulu esiphezulu eMbonini yeziMayini, Solwazi Otty Nxumalo; Solwazi Mathenjwa, Dkt Mpumi Mbatha, Solwazi Gladys Aweizzer Mhlongo, Solwazi Nyandeni. U Mnu Mntomuhle Mcambi ongumbhali wemidlalo yomoya emsakazweni uKhozi FM, ehamba nomdlali ophambiuli kuyo lemidlalo, uMnu Mzi Ndlovu, onguMsakazi weKhwezi FM.
Bekukhona no Mfu Cannon Mbatha, no Mnu Nkosiyapha Ntuli ongomuye wababhali; Mnu Bongani Linda oke waba nguSihlalo weNhlangano kaShukela kuleli (SASA), ozalwa ngudadewabo ka Solwazi Ntuli. Nezikhulu zemikhakha eyahlukahlukene. Uhlelo beluphethwe ngo Nksz Hlengi Ngcongo, no Mnu Mduduzi Msomi.

