IKOMIDI elihlela umcimbi-mhlangano wabo bonke abafunda eCwaka Agricultural College, eMpangeni, kusukela livulwa ngowe 1968, lize liyoqanjwa kabusha igama ngowe 1982 liba yi Owen Sithole College of Agriculture, liphoqelekile ukuba liwuhlehlise umcimbi walaba bafunda obuzokuba khona e Cwaka ngalempelasonto.
Lisazohlala phansi iKomidi lokuHlela licubungule isimo, libone ukuthi ungabe usenziwa yini kulonyaka lomcimbi, noma usuyoze ube ngonyaka wezi 2025. Belizokube selihlangan okuwesibili. Abakhethwayo ukuba bayohlela ukusungulwa kwama projects ne Convocation bebezokwethula imibiko kulomhlangano. Nokho kuvele ukuthi iKomidi lisazoqhubeka nalezi zinhlelo.
Isithombe ngesombhoshongo waleli kolishi ose Main Hall.

