Ezifika Sesigaya

Akusekude amakolishi ezolimo afakwe ngaphansi kowemfundo ephakeme

SEZIYAVUTHWA izinhlelo zokuwelisela amakolishi ezolimo akuleli esuka ngaphansi koMnyango wezoLimo, eyofakwa ngaphansi koweMfundo ePhakeme noQWeqesho, ophethwe ngu Dkt Blade Nzimande.

Izingxoxo zalokhu selokhu  ziqale ngowe 2012 ngesikhathi uHulumeni eveza lenhloso yakhe.  Lamakolishi asezifundazweni zakuleli. 

Okwamanje lamakolishi ahamba ngohlelo lwawo olungahlangene namaNyuvesi afundisa isayensi yezolimo angaphansi koMnyango weMfundo ePhakeme noQeqesho.  Umsebenzi omningi waloluhlelo wenzeke phakathi kowezi 2014 nowezi 2019.  

Azokhipha izitifiketi zezinga eliphakeme, amadiploma neziqu (degrees) kulomkhakha. 

Ngo April wezi 2020, uMnyango weMfundo ePhakeme noQeqesho uqoke iTechnical Task Team (TTT) ezohlela ukuqedelwa kwalolu hlelo. 

Inhloso yalokhu wukuthi kuthi kushaya owezi 2025 lamakolishi ezolimo abe eseshaya into ecwakeme kakhulu kwezemfundo ngaphansi koMnyango weMfundo ePhakeme noQeqesho. 

Umqingo wokuhlelwayo ngalokhu kuweliswa kwalamakolishi uveza ukuthi amakolishi ezolimo asazozimela kodwa ebe esengaphansi koMnyango weMfundo ePhakeme noQeqesho. 

Lokhu kuchaza ukuthi asazoqhubeka nokuba namandla okuzithathela izinqumo kodwa elawulwa wumthetho kaHulumeni. 

Lomthetho uzobeka inqubo lamakolishi okufanele athathe ngawo izinqumo nokuthi abika kanjani emphakathini, eMnyangweni wezoLimo noweMfundo ePhakeme noQeqesho.  

Azosebenza ngaphansi kwemigomo kazwelonke kodwa ebe ebuka ukwehlukahlukana kwezimo ezingeni laleso naleso sifunda nesifundazwe. 

Okuzowahlanganisa wumbono, nenkombandlela nokuphathwa kwawo.  Kodwa imisebenzi yansuku zonke yokuphathwa kwawo, azoyigcina. 

Azokube ephethwe ngokwemithetho nemigomo ye National Council (NC) eyaziwa kakhulu ngele National Council of Agricultural Training Institutes of South Africa.  Ngokwezimali azokuba ngaphansi kohlelo lokusizwa ngezimali zombuso. 

Izimali zokuwalekelela zivela eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi waseMakhaya. 

Uhlelo lokuxhaswa kwawo ngezimali luyohlelwa wuMnyango wezoLimo  nokuThuthukiswa koMphakathi waseMakhaya, ubambisene noweMfundo ePhakeme noQeqesho. 

Amakolishi azoqhubeka nokubuye azifunele wona izimali emikhakheni eyahlukahlukene nasezinkampanini ezizimele. 

Ezinye izimali njengoba bekuvele kunjalo zizotholakala ngokudayisa imikhiqizo yamapulazi amakolishi , nezimali ezikhokhwa ngabafundi ngezifundo nokuhlala ekolishi. 

Ukuphathwa kwawo nemisebenzi yansuku zonke okwamanje kusemahlombe kathishanhloko ophethe ikolishi. 

Onke amakolishi ezolimo aphethwe yiKomidi lokuPhatha elakhiwe nguThishanhloko, Isekela lakhe, iRegistrar, abaPhathi bemiNyango  (Heads of Academic Units), abaphathi bezokuphatha kanye nomele abafundi. 

Ngokwezakhiwo zamakolishi akukho lutho oluzoguquka ngoba vele izakhiwo zawo zisemazingeni aphezulu. 

Khona maduze uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi waseMakhaya uzokhipha umqulu (blueprint) ozobukwa yiwo wonke umuntu onothando lwemfundo yezolimo ukuze kuzwakale ukuphawula.