Ezifika Sesigaya

ZENYUKILE IZIHLALO ZE IFP NE DA EPHALAMENDE

NAPHEZU kokuba iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) lehlulekile ukuthatha isifundazwe saKwaZulu-Natal ngokwezibalo, kodwa izibalo zemiphumela yamanje zisaveza ukwenyusa kwalo izihlalo  ePhalamende likazwelonke. 

Ekuhlaleni kwePhalamende lokugcina elikhethwe ngowezi 2019, i IFP ibinezihlalo eziyi 14.  Manje emuva kokhetho lowezi 2024, uma kungaguqukanga lutho, libonakala selethasisele ngezihlalo ezintathu, laba nezihlalo eziyi 17.  Nokho lokhu kungaphazanyiswa wukubala kabusha kwezinye izikhungo okuhlongozwayo. Ne  Democratic Alliance (DA) yasuka kwezingama 84, yaya kwezingama 87.

I African National Congress(ANC) yona ibonakala yehle kakhulu ePhalamende kulolukhetho lowezi 2024,  Yehle isuka ezihlalweni ezingama 230, yaya ezihlalweni eziyi 160.  Lokhu kudalwe wukufika ngeshodi kweqembu elisha eliholwa ngowayenguMongameli we ANC, nezwe, uMnu Jacob Gedleyihlekisa Zuma, uMkhonto weSizwe Party (MKP), evele yaqubuka nezihlalo ezingama 57 isanda kusungulwa.  Ne Economic Freedom Fighters (EFF) isisuke kwezingama 44, yehlela kwezingama 39. 

Kunamaqembu okubonakala ukuthi ngeke esabuyela ePhalamende ngenxa yokuthi amavoti awo ahluleke ngisho ukwenza isihlalo esisodwa.  Lamaqembu yi Good Party ka Nkk Patricia de Lille okade engomunye woNgqongqoshe bakaHulumeni.  Amanye yi Congress of the People (Cope) eholwa ngu Mnu Moseia ‘Terror’ Lekota’, i Azanian People’s Organization (Azapo), i Pan Africanist Congress (PAC), ne National Freedom Party (NFP).  Nokho lokhu akuqinisekisiwe, kuzoqinisekiswa namhlanje ngeSonto.