KUBONAKALA sengathi akekho umholi wasezweni elise Africa, i Rwanda, ongakwazi ukuba nogazi ukwedlula uMongameli Paul Kagame, obe yizindaba ezinhle kuleli yazwe emuva kwesibhicongo sempi yobuzwe, eyathatha imiphefumulo yabantu abacishe bafike esigidini.

Abaningi bathi ngendlela aselithuthukise ngayo leli yazwe uMongameli Kagame, abantu bakhona basenelisekile ngaye, nakuba phela kungena soka lingenasici. Kuse Rwanda lapho kuthiwa uma uke wabonakala utshinga phansi udoti edolobheni, uyawukhomba umuzi onotshwala emaphoyiseni akhona. Ezolimo zithuthuka ngesivinini. Lo Mongameli ungene kulesi sikhundla sokuphatha i Rwanda ngonyaka wezi 2000, kukubi kuzilwe kuyo yonke imizi.
Ungene i Rwanda isaphethe i rekhodi lomhlaba ngesihluku sokubulalana kwabantu bakhona ngenxa yobuzwe. Bekubulalana isizwe sama Hutu nesama Tutsi, okuyizizwe ezimbili ezinkulu kuleliyazwe. ngma Tutsi abebulawa kakhulu, kuthiwa kufihlizwa amaphela. Ungene ehola umbutho wezempi weqembu i Rwandan Patriotic Front (ROF). Okuyiyona efike yaqeda lokhu kubulalana. Ngisho eseqokwe waba ngu Sekela-Mongameli, kodwa abantu bezwe lakhe nguyena ebebemthanda njengoMongameli, ngoba ubengu Sekela-Mongameli onguNgqongqoshe wezoMbutho wezokuVikela. Yilokhu-ke obekumenza abe namandla ngoba ubenguSekela-Mongameli ophethe impi.
Ama sistela amabili amaKhatholika abulala inqwaba yama Tutsi ngezibhamu

Igama lesilungu lika genocide, uMhleli we Xolani Weekly Journal uqale ukulazi, nokuliqonda ngodaba lokubulalana kwama Tutsi nama Hutsu e Rwanda. Kwaqopheka umlando ngonyaka we 1994, ama sistela amabili amaKhatholika angama Hutu ngokobuzwe, edubula ebulala inqwaba yabantu abangama Tutsi ebebekhoseliswe esontweni lamaKhatholika. Babelekele esontweni beyocela ukubhaciswa. Babavumela abaphathi bemishini, kanti lama sisitela amabili azovele abangenele ngesibhamu ababulale besesontweni.
Aboshwa, kwathi uSr Theophister Mukakibibi, wagwetshwa iminyaka engama 30 ebhadla ejele. Kungenzeka ukuthi uma esaphila sewakhululwa. Yilobu buhlungu-ke akhonzelwe ukuthi ufike wabuqeda uMongameli Kagame.
