Ezifika Sesigaya

USHENGE USEQOKE IZIKHULU EZIMBILI UKUKHUCULULA ITHEKU

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko, kuHulumeni waKwaZulu-Natal, useqoke owayeyiMenenja yedolobha iTheku ngaphansi kweMeya engu Mnu Obed Mlaba, owalishiya lihlanzekile lelidolobhakazi, ukuba abe ngomunye wabazoqhamuka nezinhlelo zokukhucululwa kwalo.

UMfu Thulasizwe Buthelezi, ophethe loMnyango, uqoke uDkt Mike Sutcliffe, osebenze kakhulu no Mnu Mlaba, kanye nowayengu Sihlalo we African National Congress (ANC) owayedumile eThekwini, uMnu John Mchunu.  U Dkt Sutcliffe uqokwe kanye noke waba nguMqondisi eHhovisi lika Ndunankulu waKwaZulu-Natal, naseHhovisi likaMongameli kusengu Mnu Jacob Zuma, uDkt Cassius Lubisi. 

Ethula lolu daba uMfu Buthelezi, uthe sekungawo amagama enkehli njengoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, ethatha izintambo uthe kuzoqalwa ngokukhucululwa kweTheku libuyiselwe esimeni salo esidala.  NoMongameli we Inkatha Freedom Party (IFP) emkhankasweni we IFP wokhetho, naye wakusho lokhu.

U Dkt Sutcliffe, uMnu Mchunu abembiza ngoSokhela, uke wahola ithimba ebelidabula imingcele ngesikhathi kusakhiwa oMasipala baKwaZulu-Natal.