Ezenkolo

UFIHLWE NGODUMO UMSHUMAYELI OBESEMNCANE WASE LAMONTVILLE

UBUNGAFUNGA uthi yinkonzo yomngcwabo wengwevu endala ebandleni i Christian Assemblies International, kanti bekufihlwa insizwa nje esencane, ezalwe onyakeni we 1992, yaKwaGijima, e Lamontville, kodwa ephenduke yagcina isinguMshumayeli waleli bandla.

Bonke abakhulume kulenkonzo yomngcwabo ebisehholo lase Yellowood Park, e Montclair, bebebabaza ukuthoba kwaloMshumayeli elandela igama lakhe, njengoba engu Mnu Thoba Makhathini (32). I Xolani Weekly Journal ithole ukuthi nakuba lomndeni wakwa Makhathini use Lamontville, kodwa awusondelene noka Mnu Jonny Mafanafuthi Makhathini, owayeyisikhulu sikaKhongolose, owashonela ekudingisweni e Zambia.

UMfundisi wakhe uMfu Nene, uthe uMnu Makhathini ubede efika enkonzweni elethe umndeni wakubo, awushiye esontweni abesezihambela. Abuye isizophuma inkonzo azowulanda. Kodwa ngelinye isonto wangena wakhonza. Nangelilandelayo wenza njalo. Wagcina engasalovi. Waqala ukubuzisiza uMfundisi Nene ngesifundiso sikaMoya oNgcwele. Ugcine esehola intsha yase Lamontville kuleli bandla. Wagcina esegcotshelwe ukuba nguMshumayeli.

Ubevutha engabasalwe ngomculo uMqondisi woHlelo uMfu SM Gamede, walelibandla eMlazi naseNdwedwe. Izwi lenkosi lethulwe nguMfundisi osemncane naye waseTshelimnyama e Marianhill, uMfu SE Nene. Omunye wonina bakamufi, uNkk Mbatha uMaButhelezi, waKwaDukuza, ushiye abantu bekhexe imilomo ngendlela abebeka ngayo amazwi enduduzo anezwi eliqondile likaNkulunkulu. Nokhulumele obaba uMnu Makhathini, ubehlezi nje kuMahubo 58, ukuzila okuthandwa nguNkulunkulu.

Ufihlwe emathuneni aKwaGijima. Ushiye umakoti wakhe nendodana eyodwa, nabazali bakhe kanye nawodadewabo. Ubenguzinyobulala kubafana. Eyi boilermaker eqeqeshiwe.