Ezifika Sesigaya

UBESEHLALE IZINYANGA EZINE EZITOKISINI ZASE MELIKA U CHOLOTA

UMMELI ukhale ngokuthi ukungamnikezi ibheyili ammeleyo, sekungaba wukuhlukumeza amalungelo akhe njengoba esehlale ejele lase Melika izinyanga ezingaphezu kwezine, ngesikhathi elindele ukuthunyelwa njengomsolwa lapha e South Africa.

U Adv Tabane uveze ukuthi ammele, uNksz Moroadi Cholota, akayona ingozi, futhi akanazihlobo phesheya ngaphandle kwengane yakhe ekuyise e Nigeria. Wathi nayo izobuyiswa e South Africa uma unina esenikeziwe ibheyili. Nokuthi incwadi yakhe yokuvakashela kwamanye amazwe yathathwa ehhovisi lamaphoyisa ase Meryland, eMelika.

UMmeli uveze ukuthi ammeleyo selokhu waboshwa eMelika lapho afunda khona ngenyaka u April. Wathi akakwazi ukuthi nakuleli usengabhadla ezitokisini ekubeni abanye abayi 16 amangalelwe nabo bengaphandle ngebheyili, kubalwa nowayenguNobhala-Jikelel we African National Congress (ANC), uMnu Ace Magashule, nosomabhizinisi uMnu Edson Soni.

IMantshi ibonakale sengathi iyayithambisa inhliziyo, kodwa yanikeza uMshushisi ithuba lokuletha iphepha lakhe elimayelana nokuthi uyayiphikisa noma uyayivuma ibheyili kusasa. Kuzobuyelwa eNkantolo yase Bloemfontein kusasa ngoLwesibili sekuzoqhutshekwa nesicelo sebheyili. Babhekene necala lokukhwabaniswa kwethenda eyi R255 million yokufakela izindlu zaselokishini limbe elise Free State, i asbestors (itsheboya).