KAZI abazali baka Themba Zwane ngesikhathi beqeda ukumzala base bemetha leligama lika Themba, babazi yini ukuthi sebezele ithemba lesizwe sonke emdlalwei webhola lezinyawo.
Bengazi abazali bakoMangethe eTembisa ukuthi sebezele isilomo esiyovala izikhala zezilomo zakudala ezingo Jomo Sono, Ace Ntsoelangoe, Vader Mophosho, Andries Maseko, Doctor Khumalo, Chippa Moloi, Shintsha Guluva Motaung, Scara Sono, Blessing Mgidi, Teenage Dladla, Masterpieces Moripe, Sugar Ray Xulu, Scara Ngobese, Ace Mnini, Tomas Ngobe, nabanye.
Njengabo bonke abadlali, lesi silomo sase Tembisa e Gauteng, siqale sadlalela amaqebu ama amesha o M Tigers ne Vardos FC. Ikhono lakhe ebholeni elikhokhelayo libonwe yiqebu lebhola lase Malahleni, i Witbak Black Aces, egcine isiyi Mpumalanga Aces. Kuthe selidayisa leliqembu, wathi u Pitso Mosimane ngiyamfuna lomdlali wakoMangethe azodlala kwi Mamelodi Sundowns. Akazisolanga umntaka Mosimane ngokumlanda eMpumalanga lomdlali. Ugcine-ke esedlalela i Mamelodi Sundowns.
Kuke kwanemvunge enkulu kukhala izwe lonke ngesikhathi uMqeqeshi we Bafana Bafana, u Hugo Broos, engamfaki eqenjini lesizwe ethi usemdala, yena uyakha. Naye u Broos akazange awakholwe amelo akhe eseze wagoba uphondo wamfaka. Uvele wamenzela ezibukwayo umfoka Mangethe, oweNtetshela.
Kuyindaba okungephikiswane neze ngayo ukuthi iBafana Bafana ihambe yaze yayothola uklomelo wokuphuma isithathu emidlalweni ye Afcon 2023 nje e Ivory Coast, kungexa yokwenza ezibukwayo kuka Zwane. Iqembu likazakwabo u Peter Shaulile, uvele wabukisa ngalo elihlohla amagoli amathathu, ekhumbuza abaladeli base South Africa u Benny McCathy esemncane. Naye u McCathy walandwa ngu Jomo Sono esaqeqesha iBafana Bafana. Emlanda e Cape Town wazomfaka eqembini lesizwe, wafike wabukisa nge Namibia eyihlohla ngamagoli amane kwamane iBafana eyanqoba ngawo.
Ngesizini yowezi 2019/20 uZwane uwole izindondo ezine eba yi PSL Player of the season, Players’ Player of the season, PSL Midfielder of the season, Mamelodi Sundowns Player of the season. Cishe naye akasenayo indawo yokufaka izimedali aseziwine neqembu lakhe i Sundowns ne Bafana Bafana, kuleli base Africa yonke.
Emdlalweni wokugcina obuse Nigeria ngoLwesihlanu wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, iBafana Bafana idlala ne Nigeria, ukuphindile lokho uZwane ngamagoli akhe awashaya engabhekile emapalini kodwa edribula abadlali kube sengathi uphambana nabo, kanti uzodedela udalimede obheke epalini.
Kulomdlalo iBafana iqale yavulela i Nigeria isifundo sokuphaswa kwebhola. Ithe isabukela lezizimanga i Nigeria, yezwa selisenethini. Waliqoqa elusizi unozinti wayo, obuye abe ngunozinti we Chippa United yakuleli, uStanely Nwabali. Nokho igcine ikhavile i Eagles, kwagcina kuyi draw ka 1 – 1. NgoLwesibili iBafana Bafana izodlala ne Zimbabwe.

