KUZOBATHOKOZISA abalandela uhlobo lwezindaba ezinohlonze futhi ezicwaningiwe, ukuzwa ukuthi uhlelo lwasekuseni lwebhalufesi lwezindaba emsakazweni i SAFM, seluzoshayelwa ngu Magutshwa, uThulasizwe Simelane, osebenze kakhulu ezinhlelweni zezindaba zikamabonakude, eziteshini ezahlukahlukene zakuleli.

USimelane ufunde wagogoda kwaNgqondonkulu njengoba eneziqu zokuba yisazimethetho azithole eNyuvesi yase Wits, okuyiziqu ze LLB. Kanti eze BA kwezobuntatheli wazithola e Rhodes University. Isingaphezu kwama 20 iminyaka eyintatheli. Nguye owayebika ngezinketho ebezinzima e Zimbabwe ebeziye zinqotshwe ngu Mnu Robert Gabriel Mugabe noma kukhalwa ngokunganakwa kwamalungelo esintu kubavoti.
Uzothatha indawo eshiywa ngu Stephen Grootes, naye owangena endaweni ka Sakina Kamwendo kwasuka esikhulu isililo. Cishe labo ebebesalokhu benesibibithwane ngokushiya kuka Kamwendo kulolu hlelo, bazoduduzeka ngokungena kuka Magutshwa. Kulindeleke ukuthi aqale zimbili ku Semptember, kophezulu.
