Ezifika Sesigaya

LIYAHLANGANA OKOKUQALA IPHALAMENDE LAKULELI NGOLWESIHLANU

NAKUBA kukuningi osekukhulunywe ngokuhlangana kwePhalamende lakuleli, obese kuletha nongabazane lokuthi lingase lingahlangani, nokho ihhovisi leNhloko yamaJaji, uJaji Omkhulu u Raymond Zondo (osesithombeni), selimemezele ukuthi lizohlangana ngoLwesihlanu iPhalamende, bese IJaji elikhulu lifungisa amalungu amasha ePhalamende.

Kuzolandela ukukhethwa kuka Somlomo noSekela Somlomo, okungakazeki ukuthi izingxoxo zokwakha uHulumeni zizobe sesivumelane ngokuthi bazophuma kumaphi amaqembu. Useyowuthatha lapho-ke umsebenzi wakhe uSomlomo, okonguye oseyosingatha ukukhethwa kukaMongameli wezwe.

Kungenzeka ukuthi lesi simemezelo sesikhomba ukuthi sekuntwela ezansi ngezingxoxo zokwakhiwa kukaHulumeni omusha wakuleli ?