Izindaba

IYAQALA NAMHLANJE E ZIMBABWE I SADC SUMMIT

KUYANYAMFUKA esikhumulweni sezindiza i Robert Mugabe International Airport, eHarari, namhlanje ngoLwesihlanu, njengoba bonke ubuholi be Afrika esemazansi bufikele iNgqungquthela ye Southern African Development Summit yama 44.

Bekubanjwe umoya ngale Summitt ngenxa yemibhikisho ebikuleliyazwe, abanye abantu bakhona nezinhlangano bethi akufanele ibe kuleliyazwe ngoba lokho kuzokwenza ukuba kukhethwe uMongameli wezwe wakhona, uMnu Emmerson Mnangagwa (osesithombeni), ukuba nguSihlalo we SADEC. Bathi ngokwesimo sezwe nokuliphatha kwakhe, akasifanele lesi sikhundla.

Nokho njengoba iqala nje namhlanje kungoLwesihlanu, kuchaza ukuthi ibhuntshile imizamo yanbo.