Ezomhlaba

I UKRAINE ISIZIVIKELA NGOKUYIHLASELA I RUSSIA

ONGQONDONGQONDO bempi kwelase Ukraine, okuyizwe eselokhu lihlaselwe yi Russia kusukela ngo February wezi 2022, sebeguqule isu lokuzivikela, bavele bahlasela ngokungena phakathi e Russia bafike baqhumise amabhuloho amaningi ase Russia.

Abalandela ibhola lezinyawo, bayazi ukuthi umqeqeshi ohlakaniphile uvika izitha ngokuthi iqembu lakhe lihlasele njalo.  Ngaleyo ndlela abadlali bezitha babuya bonke phambili bezovimba emuva.  Lokhu kwenza ukuthi ohlangothini lweqembu elihlaselayo kungabi namdlali wesitha.  Isiyenza lokho-ke ne Ukraine.  Esikhundleni sokulokhu ivika amabhomu nemicibisholo ekhafula umlilo yase Russia, nayo isihlasela i Kursk Oblast, okuyisifunda sase Russia esisenhla kwe Ukraine.  

Ingene e Russia ngokubhodloza amasango asemngceleni ngesankahlu, yangena ngenkani ngaphakathi.  Ayigcinanga ngokungena lapha, kodwa isimatasatasa nokuqhumisa onke amabhuloho ase Kursk Oblast, okuyiwona asiza umbutho wezempi wase Russia ukuyodla izingxenye ze Ukraine ezinjengo Donestsk, Kherson, Luhansk, Donbas, Mariupol, Melitopol, ne Zaporizhzhia.

I Russia isidle izingxenye ezinkulu zalezi zifunda (Oblasts) zase Ukraine, yakhipha namagunya athi lezi zindawo seziyi Russia. Nokho iNhlangano yeZizwe isikuchithile lokho. Lezi zindawo isazithatha njengengxenye ye Ukraine.  I Ukraine isidle nenqwaba yamathange (military tanks), kumbe amaloli empi ashiywe yi Russia ngesikhathi isizwa umdumo wempi yase Ukraine.  Ngokwemibiko yabezindaba emhlabeni, maningi amasosha ase Russia asezinikele ukuze aphephe.

Kuvela ukuthi akukhona ukuthi i Ukraine iqonde ukudla i Kursk, kodwa ihlose ukudonsa amasosha ase Russia ako Donestsk, ukuba abuyele ngaphakathi e Russia ezokulwa evikela izwe lawo.