EGINGINDLOVU:- IXolani Weekly Journal isizwe ngezimbobo zomuhlwa ukuthi akasekho emhlabeni omunye wabashumayeli abadala ebandleni lamaKhatholika elise Holy Cross, eMoyeni, phakathi kweGingindlovu no Mtunzini. Nokho ngeke silidalule igama singakasitholi isiqiniseko.
Ubengowokuzalwa eBuhleni Mission, ngasezintabeni zoNgoye, kodwa ugcine esakhe umuzi wakhe ngakhona eMoyeni, eduze komgwaqo u R102, osuka eGingindlovu uphikelele eMpangeni. Lo Mshumayeli ufikele kumlobi we Xolani Weekly Journal esese boarding school yase Holy Cross Mission, ngowe 1973, ezofunda u Std 6, kodwa evele esemdala. Ubekade esezisebenzela eMtunzini. NgamaSonto ubesonta esontweni elikuleli dolobhana.
Ubengu bhuti kithi njengoba efike singabafanyana abancanenaphezu kokuba besifunda naye eklasini kwa Std 6, kodwa besimhlonipha ngalelo zinga abekulo leminyaka yobudala. Esese Mtunzini, uFata Gerald Meier OFM (iJalimane), umenze uMshumayeli waseMtunzini. Ufunda nje eMoyeni, unguMshumayeli futhi. Njalo ngoMgqibelo ubethatha ibhayisikili lakhe aye khona eMtunzini eyolungiselela imisa langeSonto.
Nokho ugcine engasayi kakhulu eMtunzini, kodwa oFata sebemsebenzisa khona eMoyeni, esesiza uMshumayeli uVincent Majola, naye ongasekho. Njengoba besinaye eklasini kwa Std 6, ibinganakeki kakhulu iminyaka yakhe yobudala ngoba ubemncane ngomzimba, futhi bekhona nabanye abangangaye. Phela ngaleya minyaka yama 70s, u Std 5 no 6 ubusafundwa ngamashefa.
Ngaleya minyaka yama 70s, u Std 6 ubusahlolwa ePitoli, unesitifiketi ebesenza ukuthi umfundi anqume noma uyaqhubeka nesikole, noma uya eVocational/Technical College kwaqNongoma, e Edendale, nakwaSithebe. Lelibanga beliphaswa ngezigaba ezintathu. Bekunesitifiketi esihle esbhalwe ngombala oluhlaza okusatshani. Leso besitholwa ngophase ngo First Class. Bese kuba-ke ngesibhalwe ngombala oluhlaza okwesibhakabhaka, okungesika Second Class no Third Class. Uma uthole u Third Class ubungedluleli e Secondary kumbe e High School. Ubuya e Vocational, noma umphinde u Std 6 uma ufuna ukwedlulela phambili.
Naye-ke uMshumayeli uthe uma ephasa ngo Third Class, wathatha isinqumo sokuyofundela umsebenzi. Kodwa yena uye esikoleni sokufundela ubuShumayeli. Uthe angaqeda wabuya ngonyaka olandelayo u 1975 wazosebenzela eMoyeni njengoMshumayeli omncane. Ubengasahambi ngebhayisikili, kodwa esehamba ngesithuthuthu njengabo bonke abashumayeli bamaKhatholika ngaleso sikhathi.
Akagcinanga lapho, ubuye waba ngu Boarding Master wethu. Ekukhonze kakhulu ukucula. Esiculisa thina bafana abancane nalaphaya e boarding. Ugcine eseqonde ngqo intombi ebinguthisha khona eMoyeni. Eyoyibikela ngezinto emenza zona enhliziyweni yakhe. Yadabuka intombi yakoQwabe eDokodweni, yamnikeza inhliziyo yayo, bashada. Base-ke sebakha umuzi wabo ngasemgwaqeni oya eMpangeni, njengoba sekushiwo.
Akekho obengayikhonzile lensizwa endaweni yase Sabeka nakoMnengweni, nakoMshaba, naseNsingweni, eMabhokweni, eMkhukhuze, nasoBanjeni. Isebenze kakhulu nabaShumayeli abadala oShandu, Majola, Madida, noNkosi. Bonke kade bawufulathela umhlaba. Ugcine esenamathele kakhulu emfuyweni, njengoba ebeyukhonzile. Esenezinkomo eziningi,
Udaba lusazoqinisekiswa.

